Wednesday 21 September 2011

Nizobusisiwe

NgokukaMathewu 5:6-9
Babusisiwe abalambele, bomele ukulunga, ngokuba bayakusuthiswa.
Babusisiwe abanesihawu, ngokuba bayakuhawukelwa.
Babusisiwe abanenhliziyo ehlanzekileyo, ngokuba bayakubona uNkulunkulu.
Babusisiwe abalamulayo, ngokuba bayakuthiwa abantwana bakaNkulunkulu.

Nifunani manje? Sonke, sifuna ukujabula. Sifuna ukudla kahle. Sifuna imindeni yethu iphila kahle. Abantu abanye, mhlawumbe bafuna imali iningi. Bafuna izimoto ezinkulu. Abakhumbuli umdali wabo.
UNkulunkulu uthi uma nithanda ukujabula manifune ukulunga. Hlanzani izinhliziyo zenu. Nithande ukuthula. Futhi, nizobusisiwe.

Thursday 18 August 2011

Ukuthethelela

NgokukaMathewu 6:14-15
Ngokuba uma nithethelela abantu izimphambeko zabo, noYihlo wasezulwini uyakuni thethelela nani.
Kepha uma ningathetheleli abantu iziphambeko zabo, noYihlo akayikunithetheleli iziphambeko zenu.

Uneziphambeko? Sonke, sizenze izinto ezimbi. Siyesaba uNkulunkulu. Sicela njalo ukuthethelela kwakhe. UNkulunkulu ufuna ukusithethelela, kodwa singathethelela futhi. Singathethelela abangane bethu. Singathethelela abafo bethu. Nginitshela, 'Thethelelani manje!'

(I had no one to check this and was trying new words - please forgive the incorrect Zulu!)

Wednesday 10 August 2011

Uzokuphumuza


NgokukaMathewu 11:28
Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza.

Isithembiso sikaNkulunkulu siningi, sikhulu. UJesu uyasibiza sonke. Uthanda ukusinika izinto ezinhle. Uma ukhathele noma usindwayo - yiza kuJesu. Uzokuphumuza.

Wednesday 11 May 2011

Masiziqinise

UDavide wayehlupheka kakhulu, ngokuba abantu bekhuluma ngokumkhanda ngamatshe, lokhu izinhliziyo zabo bonke abantu zazinomunyu, kwaba-yilowo nalowo ngenxa yamadodana akhe namadodakazi akhe; kepha uDavide waziqinisa kuJehova uNkulunkulu wakhe. - USauweli I 30:6


Ama-Amaleki alichitha ikhaya likaDavide. UDavide nabantu bakhe bethola abomndeni babo babethunjiwe. Abantu likaDavide bathukuthele kakhulu. Kodwa, ukuthukuthele akwenzanga lutho. UDavide wayedabukile, kodwa wathemba uNkulunkulu. ngakho waziqinisa kuJehova.

Thursday 10 March 2011

Endawen' ebanzi

Ngilifunde ekuseni namuhla Ihubo 31.

Ngizakwethaba, ngijabule ngomusa wakho, ngokuba ukubonile ukuhlupheka kwami, wazinaka izinsizi zomphefumulo wami;
awunginikelanga esandleni sesitha, wazimisa izinyawo zami endaweni ebanzi. (vs 7-8)

Futhi, ngiyikhumbule ingoma isiXhosa unamba-11 amaWesile. Ngiyithanda le ngoma. Ningawabona amagama phezulu.

Niphi namhlanje? UJesu ufuna ukuzimisa izinyawo zenu endaweni ebanzi!

Wednesday 23 February 2011

Njengehange (anchor)


KumaHeberu 6:19

Ithemba esinalo njengehange lomphefumulo, liqinile, ligxilile.

Zonke izinto ziyatshinsha. Zikhona namhlanje, zihambile kusasa. Mhlaumbe siyesaba. Kukhona okuningi esingakwazi.
Kodwa uJesu njengehange. Akahambi. Uhlala nathi njalo. Masimdumise.

Wednesday 16 February 2011

Njengezinkozi

Ngikhathele. Ngifuna ukuhamba ekhaya. Amehlo ami akhathele.
Kodwa ngikhumbula uIsaya 40:28-31.

Awazi yini? Awuzwanga? UJehova unguNkulunkulu ongunaphakade; udalile imikhawulo yomhlaba; akapheli amandla, akakhathali, nokuqonda kwakhe akunakuphenywa.
Nguye omupha oyethileyo amandla nakongenamandla uyandisa izikhwepha. Izinsizwa ziyaphela amandla, zikhathale, nabasha bawa nokuwa.
Kepha abamathemba uJehova bayathola amandla amasha, bayakhuphuka ngamaphiko njengezinkozi, bagijime bengakhathali, bahambe bengapheli amandla.


Ngoku, ngiyathandaza. Ngicela kuNkulunkulu amandla. Ngiyathola amandla amasha.
Nikhathele na? Thandazani nonke - nizokuthola amandla amasha!